1 KuThimothewu 4:6-10

1 KuThimothewu 4:6-10 ZUL20

Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo. Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo. Lithembekile leli lizwi, lifanele impela ukwemukelwa, ngokuba yilokho esikukhandlekelayo, nesikushikashikelayo; lokhu sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.