1 Samuweli 23:14-18

1 Samuweli 23:14-18 CZB24

UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe, uDavide wayesehlane laseZifi ehlathini. UJonathani indodana kaSawule wasuka waya kuDavide ehlathini, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu. Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala ehlathini, uJonathani waya endlini yakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 Samuweli 23:14-18