1 uSamuweli 23:14-18
1 uSamuweli 23:14-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukumbulala; uDavide wayesehlane eZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.
1 uSamuweli 23:14-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala ezintabeni ezisehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.
1 uSamuweli 23:14-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala entabeni ehlane laseZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kepha uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe, uDavide wayesehlane laseZifi ehlathini. UJonathani indodana kaSawule wasuka waya kuDavide ehlathini, waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule ubaba asiyikukuthola; uzakuba yinkosi phezu kukaIsrayeli, mina ngibe lawe; lobaba uSawuli uyakwazi lokhu. Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala ehlathini, uJonathani waya endlini yakhe.