1 USamuweli 23:14-18

1 USamuweli 23:14-18 ZUL20

UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe. UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukumbulala; uDavide wayesehlane eZifi eHoreshi. Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu. Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.” Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 USamuweli 23:14-18