1 kaPetru 5:8-10

1 kaPetru 5:8-10 CZB24

Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni. Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.