1 kaPetru 5:8-10
1 kaPetru 5:8-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula. Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni. Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.
1 kaPetru 5:8-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni. Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.
1 kaPetru 5:8-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni. Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.
1 kaPetru 5:8-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni. Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.