1 Amakhosi 4:29-34

1 Amakhosi 4:29-34 CZB24

UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okuningi, nobubanzi benhliziyo, njengesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungcono kunokuhlakanipha kwabo bonke abantwana bezwe lasempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. Ngokuba wayehlakaniphe kunabo bonke abantu; njengo-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda, amadodana kaMaholi; futhi umbiko wakhe wawuphakathi kwezizwe zonke nxazonke. Wakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaziyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebanoni kuze kufike kuhisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezilwane, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo nezinhlanzi. Kwasekufika bevela ebantwini bonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 Amakhosi 4:29-34