1 AmaKhosi 4:29-34
1 AmaKhosi 4:29-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakukukhulu kwedlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. Wayehlakaniphe kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, uHemani, uKalikoli, uDarda, amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke, nxazonke. Waqamba izaga eziyizi-3 000; amaculo akhe ayeyi-1 005. Wacwaninga ngezihlahla, kusukela kuwo umsedari oseLebhanoni kuze kube kulo ihisophi elimila odongeni; wacwaninga ngezinkomo, ngezinyoni, ngezilwanyana ezinwabuzelayo nangezinhlanzi. Kwafika abantu bevela ezizweni zonke ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni, babevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.
1 AmaKhosi 4:29-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.
1 AmaKhosi 4:29-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okuningi, nobubanzi benhliziyo, njengesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwakungcono kunokuhlakanipha kwabo bonke abantwana bezwe lasempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibhithe. Ngokuba wayehlakaniphe kunabo bonke abantu; njengo-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda, amadodana kaMaholi; futhi umbiko wakhe wawuphakathi kwezizwe zonke nxazonke. Wakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu, izingoma zakhe zaziyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebanoni kuze kufike kuhisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezilwane, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo nezinhlanzi. Kwasekufika bevela ebantwini bonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela kuwo wonke amakhosi omhlaba ayezwile ngokuhlakanipha kwakhe.