1 AmaKhosi 4:29-34

1 AmaKhosi 4:29-34 ZUL59

UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AmaKhosi 4:29-34

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo