1 Amakhosi 3:1-9

1 Amakhosi 3:1-9 CZB24

USolomoni wazihlanganisa noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha eyakhe indlu, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke. Kuphela abantu babehlabela ezindaweni eziphakemeyo, ngoba kwakungakhelwanga iGama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku. USolomoni wamthanda uJehova ngokuhamba ezimisweni zikayise uDavide; wanikela kuphela ezindaweni eziphakemeyo, wadedela intuthu. Inkosi yaya eGibeyoni ukuyohlabela khona; USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane kulelo altare. EGibeyoni, uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku, futhi uNkulunkulu wathi: “Cela into engizokunika yona.” Wayesethi uSolomoni: “Wenze umusa omkhulu encekwini yakho, ubaba uDavide, njengoba ayehamba phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe; umgcinele lomusa omkhulu ukuthi umnike indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njenganamuhla. Manje, Jehova Nkulunkulu wami, usubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba, mina ngingumntwana omncane; angazi ngiphume noma ngingene kanjani. Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, abantu abaningi abangenakubalwa, abangenakubalwa ngenxa yobuningi. Khona-ke unike inceku yakho inhliziyo eqondayo ukwahlulela abantu bakho, ukuze ngahlukanise phakathi kokuhle nokubi; ngoba ngubani ongahlulela lesi sizwe sakho esikhulu?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 Amakhosi 3:1-9

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo