1 AMakhosi 3:1-9

1 AMakhosi 3:1-9 ZUL20

USolomoni noFaro, inkosi yaseGibhithe, bakha ubuhlobo ngokuganiselana. USolomoni wayithatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha isigodlo sakhe, nendlu kaSimakade, nokwakha ugange oluzungeze iJerusalema nxazonke. Abantu babenza imihlatshelo ezindaweni eziphakemeyo, ngoba yayingakabi bikho indlu eyakhelwe igama likaSimakade, kwaze kwaba yilezo zinsuku. USolomoni wamthanda uSimakade, wahamba ngokwezimiso zikaDavide, uyise, kodwa naye wayehlaba, eshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Inkosi uSolomoni yaya eGibheyoni ukuyokwenza umhlatshelo khona, ngokuba kwakuyiyona ndawo ephakemeyo, enkulu. USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane kulelo althare. EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla. “Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma. Inceku yakho uyibeke phakathi kwesizwe sakho osikhethileyo, isizwe esikhulu esingenakubalwa, nobuningi baso obungenakuqondwa. Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 AMakhosi 3:1-9

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo