1 AmaKhosi 3:1-9

1 AmaKhosi 3:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USolomoni noFaro, inkosi yaseGibhithe, bakha ubuhlobo ngokuganiselana. USolomoni wayithatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha isigodlo sakhe, nendlu kaSimakade, nokwakha ugange oluzungeze iJerusalema nxazonke. Abantu babenza imihlatshelo ezindaweni eziphakemeyo, ngoba yayingakabi bikho indlu eyakhelwe igama likaSimakade, kwaze kwaba yilezo zinsuku. USolomoni wamthanda uSimakade, wahamba ngokwezimiso zikaDavide, uyise, kodwa naye wayehlaba, eshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Inkosi uSolomoni yaya eGibheyoni ukuyokwenza umhlatshelo khona, ngokuba kwakuyiyona ndawo ephakemeyo, enkulu. USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane kulelo althare. EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.” USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla. “Manje-ke, Simakade Nkulunkulu wami, uyibekile inceku yakho ukuba ibe yinkosi esikhundleni sikababa uDavide, noma ngisengumntwana nje. Angikakwazi ukungena nokuphuma. Inceku yakho uyibeke phakathi kwesizwe sakho osikhethileyo, isizwe esikhulu esingenakubalwa, nobuningi baso obungenakuqondwa. Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”

1 AmaKhosi 3:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke. Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku. USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo. EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.” USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla. “Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma. Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi. Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo