1 kaJohane 4:7-11

1 kaJohane 4:7-11 CZB24

Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando. Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 4:7-11