1 kaJohane 4:7-11
1 kaJohane 4:7-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando. Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
1 kaJohane 4:7-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu: akusikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa Yena wasithanda thina, wathumela iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu asithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
1 kaJohane 4:7-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu. Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando. Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu. Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
1 kaJohane 4:7-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)