1 kaJohane 4

4
1 kaJohane 4
1Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
2Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: Bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni bangabakaNkulunkulu;
3Futhi wonke umoya ongamvumi ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni, akasiye okaNkulunkulu; namanje isikhona emhlabeni.
4Nina ningabakaNkulunkulu, bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
5Bangabezwe, ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa.
6Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa; ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokhu siyazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.
7Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; futhi wonke onothando uzelwe nguNkulunkulu, futhi uyamazi uNkulunkulu.
8Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu; ngoba uNkulunkulu uluthando.
9Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo.
10Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
11Bathandekayo, uma uNkulunkulu wasithanda kanjalo, nathi simelwe ukuthandana.
12Akakho oke wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelelisiwe kithi.
13Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usinikile okukaMoya wakhe.
14Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba.
15Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
16Thina siyalwazi, sakholwa wuthando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando; futhi ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu kuye.
17Ngalokhu uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe.
18Akukho ukwesaba othandweni; kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso. Owesabayo akapheleliswa othandweni.
19Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala.
20Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga;
21Lomyalo sinawo uvela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaJohane 4: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo