1 kaJohane 5

5
1 kaJohane 5
1Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozalayo uyamthanda nalowo ozelwe nguye.
2Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, sigcina imiyalo yakhe.
3Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.
4Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe;
5Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
6Lo nguye oweza ngamanzi negazi, uJesu Kristu; kungeyisikho ngamanzi kuphela, kodwa ngamanzi legazi. Futhi uMoya ufakaza, ngoba uMoya uliqiniso.
7Ngokuba bathathu abafakazayo ezulwini, uYise, noLizwi, noMoya oNgcwele; futhi laba abathathu bamunye.
8Futhi bathathu abafakazayo emhlabeni, uMoya, namanzi, negazi; futhi laba abathathu bavumelana ngokunye.
9Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.
10Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
11Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
12Onayo iNdodana unokuphila; nongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
13Lezi zinto nginilobele nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu; ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nikholwe egameni leNdodana kaNkulunkulu.
14Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa;
15Uma sazi ukuthi uyasizwa, noma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi sinazo izicelo esizicelile kuye.
16Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.
17Konke ukungalungi kuyisono, futhi kukhona isono esingesiso esokufa.
18Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni; kepha ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, omubi akamthinti.
19Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.
20Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.
21Bantwanyana, ziphepheni ezithombeni. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kaJohane 5: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo