1 kwabaseKorinte 9:1-27

1 kwabaseKorinte 9:1-27 CZB24

Angisiye umphostoli na? angikhululekile na? Angimbonanga uJesu Kristu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? Uma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina. Impendulo yami kwabangihlolayo yilena, Asinawo amandla okudla nokuphuza na? Asinagunya lokuhamba nodadewenu, umkakho, nabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase? Kumbe yimina kuphela loBarnabasi esilamandla okuyekela ukusebenza? Ngubani ophuma impi ngezindleko zakhe na? Ngubani otshala isivini, angadli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na? Lezizinto ngizitsho njengomuntu yini? Nomthetho awusho okufanayo na? Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi lapho ibhula amabele. UNkulunkulu uyazinakekela izinkabi na? Kumbe kambe ukutsho ngenxa yethu? Lokhu kulotshiwe ngenxa yethu ukuthi: Olimayo kufanele alime enethemba; nokuthi obhulayo enethemba kufanele ahlanganyele ethembeni lakhe. Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini uma sizovuna okwenu okwenyama na? Uma abanye belamandla phezu kwenu, kasibi njalo thina kakhulu? Nokho asiwasebenzisanga lawo mandla; kodwa ubekezele ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu. Anazi yini ukuthi abakhonza izinto ezingcwele badla okwethempeli na? nabakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na? Ngokunjalo iNkosi ilayile ukuthi abatshumayela ivangeli baphile ngevangeli. Kepha mina angisebenzisanga nokukodwa kwalezo zinto, futhi angikulobanga lezizinto ukuba kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu enze ize ukuziqhayisa kwami. Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginakuzibonga, ngokuba kube yimpoqo phezu kwami; yebo, maye kimi uma ngingalishumayeli ivangeli! Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela, nginomvuzo; Uyini-ke umvuzo wami? Yebo, ukuze nxa ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli likaKristu libe ngeze, ukuze ngingasebenzisi amandla ami evangelini. Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, nokho ngizenze isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho (ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho kaKristu), ukuze ngizuze abangenamthetho. Kwababuthakathaka ngaba njengobuthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; Lokho ngikwenza ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe nomhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze nizuze. Labo bonke abancintisayo bayazithiba ezintweni zonke. Manje bakwenzela ukuthola umqhele owonakalayo; kodwa thina esingaboliyo. Ngakho-ke mina ngigijima ngokunjalo, kungenjengokungaqondi; ngilwa kanjalo, kungenjengalowo oshaya umoya; Kepha ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, funa kuthi, nxa sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngilahlwe.