1 KwabaseKhorinte 9:1-27

1 KwabaseKhorinte 9:1-27 ZUL20

Angikhululekile yini na? Angisiye yini umphostoli na? Angimbonanga yini uJesu iNkosi yethu na? Anisiwo yini nina umsebenzi wami eNkosini na? Uma kwabanye ngingesiye umphostoli, kodwa kini nginguye, ngokuba nina niluphawu lobuphostoli bami eNkosini. Yiyona-ke le impendulo yami kulabo abangibuzayo. Asinalo yini ilungelo lokudla nokuphuza na? Asinalo yini ilungelo lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, abafowabo beNkosi, noKhefase na? Kanti yimi noBharnabha kuphela yini esingenalo ilungelo lokuyeka ukusebenza na? Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angadli isithelo saso na? Ngubani owalusa umhlambi, angaludli ubisi lomhlambi na? Ngabe ngikusho lokho ngokubona kwabantu na? Umthetho nawo kawusho yini kanjalo na? Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose, ukuthi: “Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula okusanhlamvu.” Ngabe uNkulunkulu ukhathalela izinkabi yini na? Akakusho yini ngenxa yethu na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kumele alime enethemba, nobhulayo abhule okusanhlamvu enethemba lokwabelwa naye. Uma thina sihlwanyele kini okomoya, ngabe sekuyinto enkulu yini uma sivuna kini izinto eziphathekayo na? Uma abanye benaleli lungelo kini, pho thina asinalo yini eledlula elabo na? Nokho asilisebenzisanga leli gunya, kepha sibekezele ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKhristu. Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na? Kanjalo iNkosi imisile ukuba labo abashumayela ivangeli, baphile ngevangeli. Kepha mina angizange ngisebenzise nakunye kwalezo zinto, futhi angilobi lokhu ukuze kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuba umuntu akwenze ize ukuzigqaja kwami. Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. Pho uyini-ke umvuzo wami na? Ungukuthi uma ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli lingabizi lutho ukuze ngingalisebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. Ngokuba nakuba ngikhululekile kubo bonke, kodwa ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda. Kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho nakuba mina ngingephansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho. Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, noma ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu, kodwa ngiphansi komthetho kaKhristu, ukuze ngizuze abangenamthetho. Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima, kungekhona ukuthi kangiqondi; ngiyagadla, kungekhona ukuthi ngishaya umoya. Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.