1 kwabaseKorinte 9:1-27

1 kwabaseKorinte 9:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina. Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo. Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na? Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na? Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na? Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na? Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na? Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na? Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye. Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na? Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu. Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na? Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli. Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami. Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho; kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya. Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

1 kwabaseKorinte 9:1-27 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Angisiye umphostoli na? angikhululekile na? Angimbonanga uJesu Kristu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? Uma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina. Impendulo yami kwabangihlolayo yilena, Asinawo amandla okudla nokuphuza na? Asinagunya lokuhamba nodadewenu, umkakho, nabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase? Kumbe yimina kuphela loBarnabasi esilamandla okuyekela ukusebenza? Ngubani ophuma impi ngezindleko zakhe na? Ngubani otshala isivini, angadli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na? Lezizinto ngizitsho njengomuntu yini? Nomthetho awusho okufanayo na? Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki isifonyo inkabi lapho ibhula amabele. UNkulunkulu uyazinakekela izinkabi na? Kumbe kambe ukutsho ngenxa yethu? Lokhu kulotshiwe ngenxa yethu ukuthi: Olimayo kufanele alime enethemba; nokuthi obhulayo enethemba kufanele ahlanganyele ethembeni lakhe. Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini uma sizovuna okwenu okwenyama na? Uma abanye belamandla phezu kwenu, kasibi njalo thina kakhulu? Nokho asiwasebenzisanga lawo mandla; kodwa ubekezele ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu. Anazi yini ukuthi abakhonza izinto ezingcwele badla okwethempeli na? nabakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na? Ngokunjalo iNkosi ilayile ukuthi abatshumayela ivangeli baphile ngevangeli. Kepha mina angisebenzisanga nokukodwa kwalezo zinto, futhi angikulobanga lezizinto ukuba kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu enze ize ukuziqhayisa kwami. Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginakuzibonga, ngokuba kube yimpoqo phezu kwami; yebo, maye kimi uma ngingalishumayeli ivangeli! Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela, nginomvuzo; Uyini-ke umvuzo wami? Yebo, ukuze nxa ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli likaKristu libe ngeze, ukuze ngingasebenzisi amandla ami evangelini. Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, nokho ngizenze isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho (ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho kaKristu), ukuze ngizuze abangenamthetho. Kwababuthakathaka ngaba njengobuthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; Lokho ngikwenza ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe nomhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze nizuze. Labo bonke abancintisayo bayazithiba ezintweni zonke. Manje bakwenzela ukuthola umqhele owonakalayo; kodwa thina esingaboliyo. Ngakho-ke mina ngigijima ngokunjalo, kungenjengokungaqondi; ngilwa kanjalo, kungenjengalowo oshaya umoya; Kepha ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, funa kuthi, nxa sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngilahlwe.

1 kwabaseKorinte 9:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Angikhululekile yini na? Angisiye yini umphostoli na? Angimbonanga yini uJesu iNkosi yethu na? Anisiwo yini nina umsebenzi wami eNkosini na? Uma kwabanye ngingesiye umphostoli, kodwa kini nginguye, ngokuba nina niluphawu lobuphostoli bami eNkosini. Yiyona-ke le impendulo yami kulabo abangibuzayo. Asinalo yini ilungelo lokudla nokuphuza na? Asinalo yini ilungelo lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, abafowabo beNkosi, noKhefase na? Kanti yimi noBharnabha kuphela yini esingenalo ilungelo lokuyeka ukusebenza na? Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angadli isithelo saso na? Ngubani owalusa umhlambi, angaludli ubisi lomhlambi na? Ngabe ngikusho lokho ngokubona kwabantu na? Umthetho nawo kawusho yini kanjalo na? Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose, ukuthi: “Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula okusanhlamvu.” Ngabe uNkulunkulu ukhathalela izinkabi yini na? Akakusho yini ngenxa yethu na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kumele alime enethemba, nobhulayo abhule okusanhlamvu enethemba lokwabelwa naye. Uma thina sihlwanyele kini okomoya, ngabe sekuyinto enkulu yini uma sivuna kini izinto eziphathekayo na? Uma abanye benaleli lungelo kini, pho thina asinalo yini eledlula elabo na? Nokho asilisebenzisanga leli gunya, kepha sibekezele ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKhristu. Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na? Kanjalo iNkosi imisile ukuba labo abashumayela ivangeli, baphile ngevangeli. Kepha mina angizange ngisebenzise nakunye kwalezo zinto, futhi angilobi lokhu ukuze kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuba umuntu akwenze ize ukuzigqaja kwami. Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. Pho uyini-ke umvuzo wami na? Ungukuthi uma ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli lingabizi lutho ukuze ngingalisebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. Ngokuba nakuba ngikhululekile kubo bonke, kodwa ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda. Kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho nakuba mina ngingephansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho. Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, noma ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu, kodwa ngiphansi komthetho kaKhristu, ukuze ngizuze abangenamthetho. Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo. Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima, kungekhona ukuthi kangiqondi; ngiyagadla, kungekhona ukuthi ngishaya umoya. Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.

1 kwabaseKorinte 9:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)