1 kwabaseKorinte 4:1-21

1 kwabaseKorinte 4:1-21 CZB24

Umuntu makasibheke kanjalo njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. Futhi kuyadingeka kubaphathi, ukuthi umuntu afunyanwe ethembekile. Kepha kimina kuyinto encane kakhulu ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, angizahluleli mina ngokwami. Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi. Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu. Lezi zinto, bazalwane, ngizifanise nami no-Apholo ngenxa yenu; ukuze nifunde kithi ukuthi ningacabangi abantu ngaphezu kokulotshiweyo, ukuze kungabikho ozikhukhumezayo ngenxa yomunye. Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na? Senisuthi, manje senicebile, nabusa ngaphandle kwethu; bengithanda ukuba benibusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. Ngokuba ngithi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli ekugcineni njengabamiselwe ukufa, ngokuba senziwe ukubukwa ezweni, nasezingelosini, nakubantu. Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; niyadunyiswa, kepha thina sidelelekile. Kuze kube yilesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyashaywa, asinandawo yokuhlala; sikhandleka, sisebenza ngezethu izandla; sithi sizingelwa, sibekezelela; sithi sihlanjalazwa, siyancenga; senziwe njengezibi zomhlaba, imfucumfucu yezinto zonke kuze kube namuhla. Kangibhaleli lezizinto ukuze libe lenhloni, kodwa njengamadodana ami abathandekayo. Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli. Ngakho ngiyalincenga ukuthi libe ngabalingisi bami. Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke. Kepha abanye bazikhukhumezile, kungathi angiyikuza kini; Kodwa ngizakuza kini masinyane, uba iNkosi ithanda, njalo ngizakwazi, ingasi inkulumo yabakhukhumeleyo, kodwa amandla. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awukho ngezwi, kodwa usemandleni. Nifunani? Ngize kini ngenduku, noma ngothando, nomoya wobumnene na?

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo