1 kwabaseKorinte 4:1-21

1 kwabaseKorinte 4:1-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. Futhi-ke kufuneka kubaphathi ukuba umuntu afunyanwe ekholekile. Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli. Ngokuba angizinyezi ngalutho ngokwami, nokho angilungisisiwe ngalokho; kepha ongahlulelayo yiNkosi. Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu. Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku-Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye. Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na? Senize nasutha, senize naceba, senabusa ngaphandle kwethu; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. Ngokuba ngithi kungathi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli sibe ngabokugcina, sibe njengabanqunyelwe ukufa; ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu. Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa. Kuze kube yisona lesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyamuhluzwa, siyimihambima, siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu; sithi sithukwa, sibe sibusisa; sithi sizingelwa, sibe sibekezela; sithi sihletshwa, sibe siphendula kahle; senziwe kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke kuze kube manje. Angikulobi lokho ukuba nginithele amahloni, kodwa ukuba nginiluleke njengabantwana bami abathandekayo. Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli. Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami. Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini, oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke. Kepha abanye bakhukhumele ngokungathi angiyikuza kini; kodwa ngizakuza kini masinyane, uma iNkosi ivuma, ukuze ngazi, angisho amazwi alaba abakhukhumeleyo kepha amandla abo. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla. Pho, nifunani? Ngize kini ngiphethe induku, noma ngize nginothando nomoya omnene na?

1 kwabaseKorinte 4:1-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Umuntu makasibheke kanjalo njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. Futhi kuyadingeka kubaphathi, ukuthi umuntu afunyanwe ethembekile. Kepha kimina kuyinto encane kakhulu ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, angizahluleli mina ngokwami. Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi. Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu. Lezi zinto, bazalwane, ngizifanise nami no-Apholo ngenxa yenu; ukuze nifunde kithi ukuthi ningacabangi abantu ngaphezu kokulotshiweyo, ukuze kungabikho ozikhukhumezayo ngenxa yomunye. Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na? Senisuthi, manje senicebile, nabusa ngaphandle kwethu; bengithanda ukuba benibusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. Ngokuba ngithi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli ekugcineni njengabamiselwe ukufa, ngokuba senziwe ukubukwa ezweni, nasezingelosini, nakubantu. Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; niyadunyiswa, kepha thina sidelelekile. Kuze kube yilesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyashaywa, asinandawo yokuhlala; sikhandleka, sisebenza ngezethu izandla; sithi sizingelwa, sibekezelela; sithi sihlanjalazwa, siyancenga; senziwe njengezibi zomhlaba, imfucumfucu yezinto zonke kuze kube namuhla. Kangibhaleli lezizinto ukuze libe lenhloni, kodwa njengamadodana ami abathandekayo. Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli. Ngakho ngiyalincenga ukuthi libe ngabalingisi bami. Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke. Kepha abanye bazikhukhumezile, kungathi angiyikuza kini; Kodwa ngizakuza kini masinyane, uba iNkosi ithanda, njalo ngizakwazi, ingasi inkulumo yabakhukhumeleyo, kodwa amandla. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awukho ngezwi, kodwa usemandleni. Nifunani? Ngize kini ngenduku, noma ngothando, nomoya wobumnene na?

1 kwabaseKorinte 4:1-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Umuntu makasazi ukuthi siyizikhonzi zikaKhristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu. Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo. Kepha kimi kuyinto elula ukuba ningahlulele, noma ngahlulelwe ngabantu; nami luqobo angizahluleli. Ngokuba angizinyezi ngalutho, nokho angilungisisiwe ngalokho, kodwa ongahlulelayo yiNkosi. Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu. Bazalwane, lokhu-ke ngikuqondise kimi naku-Apholo, ngenxa yenu, ukuba nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuze ningazikhukhumezi, omunye akhethe omunye kunomunye. Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na? Senize nasutha, naceba, nibusa ngaphandle kwethu. Yebo-ke, sengathi ningabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani. Ngokuba ngiyabona ukuthi thina baphostoli, uNkulunkulu usenze saba ngabokugcina, njengabanqunyelwe ukuba bafe, ngokuba sesiphenduke into yokubukwa yizwe, yizingelosi, nabantu. Thina siyiziwula ngenxa kaKhristu, kodwa nina nihlakaniphile kuKhristu. Thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla. Nina niyadunyiswa, kodwa thina siyadunyazwa. Kuze kube yilesi sikhathi siyalamba, somile, sihamba ze, siyashaywa, siyimihambima, siyakhandleka, sisebenza ngezandla zethu. Kuthi lapho sethukwa, thina sibusise; uma sizingelwa, thina siqinisele. Kuthi lapho sinyembenywa; thina siphendule kahle, sehlise umoya. Kuze kube namuhla, sithathwa njengezibi zomhlaba, nokungcola okuvela ezintweni zonke. Anginilobeli lokhu ukuba nginenze nizenyeze, kodwa ukuba ngineluleke njengezingane zami ezithandekayo. Nakuba ningaba nabafundisi abayizi-10 000 kuKhristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba yimina enganizala kuKhristu uJesu ngevangeli. Ngakho-ke ngiyanincenga ukuba ningilingise. Yingakho ngithumele kini uThimothewu, umntwana wami othandekayo nothembekileyo eNkosini. Yena uyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKhristu, njengalokhu ngifundisa ezindaweni zonke nasemabandleni onke. Abanye bakhukhumele sengathi angisezi lapho kini. Kodwa ngizofika kini kungakapholi maseko, uma iNkosi ivuma, ukuze ngithole kahle, hhayi ngamazwi alaba abazikhukhumezayo, kodwa ngamandla abo. Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngamazwi nje, kodwa ngamandla. Pho nifunani na? Ngize lapho kini ngihlome ngenduku, noma ngothando nomoya omnene na?

1 kwabaseKorinte 4:1-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)