1 kwabaseKorinte 4

4
1 kwabaseKorinte 4
1Umuntu makasibheke kanjalo njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.
2Futhi kuyadingeka kubaphathi, ukuthi umuntu afunyanwe ethembekile.
3Kepha kimina kuyinto encane kakhulu ukuba ngahlulelwe yinina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, angizahluleli mina ngokwami.
4Ngokuba angazi lutho ngokwami; nokho angilungisiswa ngalokho, kepha ongahlulelayo yiNkosi.
5Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.
6Lezi zinto, bazalwane, ngizifanise nami no-Apholo ngenxa yenu; ukuze nifunde kithi ukuthi ningacabangi abantu ngaphezu kokulotshiweyo, ukuze kungabikho ozikhukhumezayo ngenxa yomunye.
7Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na?
8Senisuthi, manje senicebile, nabusa ngaphandle kwethu; bengithanda ukuba benibusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.
9Ngokuba ngithi uNkulunkulu usimisile thina baphostoli ekugcineni njengabamiselwe ukufa, ngokuba senziwe ukubukwa ezweni, nasezingelosini, nakubantu.
10Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; niyadunyiswa, kepha thina sidelelekile.
11Kuze kube yilesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyashaywa, asinandawo yokuhlala;
12sikhandleka, sisebenza ngezethu izandla; sithi sizingelwa, sibekezelela;
13sithi sihlanjalazwa, siyancenga; senziwe njengezibi zomhlaba, imfucumfucu yezinto zonke kuze kube namuhla.
14Kangibhaleli lezizinto ukuze libe lenhloni, kodwa njengamadodana ami abathandekayo.
15Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
16Ngakho ngiyalincenga ukuthi libe ngabalingisi bami.
17Ngalokho ngithumele kini uThimothewu, oyindodana yami ethandekayo nethembekile eNkosini, oyakunikhumbuza izindlela zami ezikuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.
18Kepha abanye bazikhukhumezile, kungathi angiyikuza kini;
19Kodwa ngizakuza kini masinyane, uba iNkosi ithanda, njalo ngizakwazi, ingasi inkulumo yabakhukhumeleyo, kodwa amandla.
20Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awukho ngezwi, kodwa usemandleni.
21Nifunani? Ngize kini ngenduku, noma ngothando, nomoya wobumnene na?

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 4: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo