1 kwabaseKorinte 14:26-40

1 kwabaseKorinte 14:26-40 CZB24

Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha. Uma umuntu ekhuluma ngezilimi, kakube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane; omunye atolike. Kepha uma kungekho umhumushi, makathule ebandleni; futhi makakhulume yedwa, futhi noNkulunkulu. Abaprofethi mabakhulume ababili noma abathathu, abanye bahlulele. Uma kwembulwa utho komunye ohlezi khona, makathule owokuqala. Ngokuba ningaprofetha nonke ngabanye ngabanye, ukuze bonke bafunde, baduduzwe bonke. Imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi. Ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ngowokuthula, njengakuwo wonke amabandla abangcwele. Abesifazane benu mabathule emabandleni, ngokuba abavunyelwe ukukhuluma; kepha bayalwa ukuba balalele, njengokuba usho nomthetho. Uma befuna ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya, ngokuba kuyihlazo kwabesifazane ukukhuluma ebandleni. Yini? izwi likaNkulunkulu laphuma kini na? noma lafika kinina nodwa na? Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kuyimiyalo yeNkosi. Kepha uma umuntu engazi, makangabi nakwazi. Ngakho-ke, bazalwane, fisani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. Konke kakwenziwe ngemfanelo langokulandelana.