1 kwabaseKorinte 14:26-40

1 kwabaseKorinte 14:26-40 ZUL59

Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla. Uma-ke umuntu ekhuluma ngezilimi, akube ngababili, bangadluli kwabathathu, badedelane, omunye ahumushe; kepha uma kungekho ohumushayo, kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu. Abaprofethi-ke, kukhulume ababili noma babe bathathu, abanye bakuhlole. Kepha uma kwambulwa utho komunye ohlezi khona, kathule owokuqala. Ngokuba ningaprofetha nonke abanye ngabanye, ukuze bafunde bonke, balulekwe bonke; imimoya yabaprofethi ithobela abaprofethi; ngokuba uNkulunkulu kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula. Njengokuba kunjalo emabandleni onke abangcwele, abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho. Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni. Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na? Uma umuntu ethi ungumprofethi, noma ethi ungowomoya, makaqonde ukuthi lokhu enginilobela khona kungumyalo weNkosi. Kepha uma umuntu engazi, makahlale engazi. Ngakho-ke, bazalwane bami, zondelelani ukuprofetha, ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo.