1 kwabaseKorinte 14:26-40

1 kwabaseKorinte 14:26-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Pho kufanele kwenziwe njani bazalwane na? Uma nihlangana ndawonye, omunye unehubo, omunye unesifundiso, omunye unesambulo, omunye unezilimi, omunye uyahumusha; konke lokho makwenzelwe ukwakhiwa kwebandla. Uma kukhona okhuluma ngezilimi, ababe babili noma babe bathathu, bezihumusha ngokudedelana. Kepha uma kungekho ohumushayo, lowo-ke okhulumayo makathule ebandleni, azikhulumele eyedwa nakuNkulunkulu. Abaphrofethi, makukhulume ababili noma abathathu, abanye bakuhlole lokho. Kepha uma kwambulwa okuthile komunye ohleli phansi, owokuqala obekhuluma makathule. Ngokuba ningaphrofetha nonke ngamunye ngamunye, ukuze bonke bafunde, futhi bakhuthazeke. Imimoya yabaphrofethi iyabathobela abaphrofethi, ngokuba uNkulunkulu akasiye owesiphithiphithi, kodwa ungowokuthula, njengokuba kunjalo kuwo wonke amabandla abangcwele. Abesifazane mabathule emabandleni, ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kodwa mabazithobe njengalokhu usho kanjalo nomthetho. Kepha uma bethanda ukufunda okuthile, mababuze emadodeni abo emakhaya, ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni. Ngabe izwi likaNkulunkulu laphuma kini yini na? Noma lafika kini nodwa yini na? Uma umuntu ethi ungumphrofethi, noma ethi unesiphiwo somoya, makakuqonde kahle lokhu enginilobele khona ukuthi kungumyalo weNkosi. Kepha-ke uma umuntu engakugqizi qakala lokhu, naye makanganakwa. Ngakho-ke bazalwane bami, langazelelani ukuphrofetha, kodwa ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi. Kepha konke makwenziwe kahle nangendlela ehlelekile.