1 kwabaseKorinte 1:1-25

1 kwabaseKorinte 1:1-25 CZB24

UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu; Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiwe kuKristu Jesu; ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke; njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini; Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu; ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. UNkulunkulu uthembekile, yena nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani, bazalwane bami, ngabendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukuxabana phakathi kwenu. Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu. UKristu uhlukene yini na? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? noma nabhapathizwa egameni likaPawulu na? Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu; funa kube khona othi ngabhapathiza egameni lami. Ngabhapathiza nendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuthi ngabhapathiza omunye. Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize. Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabahlakaniphileyo ngikwenze ize. Uphi ohlakaniphileyo? uphi umbhali na? uphi umbangi walomhlaba na? UNkulunkulu akakwenzanga kwaba yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na? Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. Ngokuba abaJuda bafuna isibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha; Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki; Kepha kwababiziweyo, amaJuda namaGreki, singuKristu ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphe kunabantu; futhi ubuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo