1 kwabaseKorinte 1:1-25

1 kwabaseKorinte 1:1-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu; Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiwe kuKristu Jesu; ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke; njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini; Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu; ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. UNkulunkulu uthembekile, yena nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani, bazalwane bami, ngabendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukuxabana phakathi kwenu. Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu. UKristu uhlukene yini na? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? noma nabhapathizwa egameni likaPawulu na? Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu; funa kube khona othi ngabhapathiza egameni lami. Ngabhapathiza nendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuthi ngabhapathiza omunye. Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize. Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabahlakaniphileyo ngikwenze ize. Uphi ohlakaniphileyo? uphi umbhali na? uphi umbangi walomhlaba na? UNkulunkulu akakwenzanga kwaba yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na? Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. Ngokuba abaJuda bafuna isibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha; Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki; Kepha kwababiziweyo, amaJuda namaGreki, singuKristu ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphe kunabantu; futhi ubuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.

1 kwabaseKorinte 1:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UPawula, obizwe ngokwentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Khristu, benoSostene umzalwane, ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu. Ngimbonga njalo uNkulunkulu wami ngani, ngenxa yomusa wakhe eniwuphiweyo kuKhristu uJesu, ukuba ezintweni zonke, nicetshiswe kuye; ekukhulumeni nasekwazini konke njengalokhu ubufakazi ngoKhristu buqinisiwe kini, ukuze ningasesweli nesisodwa nje isiphiwo somusa, njengokuba nikulindele ngokushisekela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu. NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu. Wethembekile uNkulunkulu owanibizela ebudlelwaneni neNdodana yakhe, uJesu Khristu iNkosi yethu. Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye. Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu. Ngikusho lokhu ngokuba yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawula;” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo;” omunye uthi: “Mina ngingokaKhefase;” nomunye athi: “Mina ngingokaKhristu.” Ngabe uKhristu wahlukanisiwe yini na? UPawula wabethelwa yini esiphambanweni ngenxa yenu na? Kanti nina nabhabhadiswa egameni likaPawula yini na? Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuba angibhabhadisanga muntu kini, ngaphandle kukaKhrisphu noGayu, funa kube khona othi ubhabhadiswe egameni lami. Yebo, ngababhabhadisa nabendlu kaStefana; ngaphandle kwabo, angikhumbuli ngibhabhadisa omunye. Ngokuba uKhristu akangithumanga ukuba ngibhabhadise, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, hhayi ngokuhlakanipha kwamazwi abantu, funa isiphambano sikaKhristu senziwe ize. Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Phela kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuqeda nya ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, ngikwenze ize ukuqonda kwabanokuqonda.” Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na? Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. Ngokuba abaJuda bafuna izibonakaliso, kuthi amaGriki afune ukuhlakanipha. Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe. Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunobabantu, nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunobabantu.

1 kwabaseKorinte 1:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke, njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini, ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu, yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani bazalwane bami ngabendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu”; “Mina ngingoka-Apholo”; “Mina ngingokaKhefase”; “Mina ngingokaKristu”. UKristu wahlukanisiwe yini? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? Nabhapathizwa egameni likaPawulu na? Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu, funa kube khona othi nabhapathizwa egameni lami. Kodwa ngabhapathiza nabendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuba ngabhapathiza omunye. Ngokuba uKristu kangithumanga ukuba ngibhapathize, kepha ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwe ize. Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize.” Siphi isazi na? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesi sikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na? Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. Ngokuba abaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha, kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe, kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.

1 kwabaseKorinte 1:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane, kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu; Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiwe kuKristu Jesu; ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke; njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini; Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu; ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. UNkulunkulu uthembekile, yena nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye. Ngokuba ngitsheliwe ngani, bazalwane bami, ngabendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukuxabana phakathi kwenu. Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu. UKristu uhlukene yini na? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? noma nabhapathizwa egameni likaPawulu na? Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu; funa kube khona othi ngabhapathiza egameni lami. Ngabhapathiza nendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuthi ngabhapathiza omunye. Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize. Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabahlakaniphileyo ngikwenze ize. Uphi ohlakaniphileyo? uphi umbhali na? uphi umbangi walomhlaba na? UNkulunkulu akakwenzanga kwaba yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na? Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. Ngokuba abaJuda bafuna isibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha; Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki; Kepha kwababiziweyo, amaJuda namaGreki, singuKristu ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphe kunabantu; futhi ubuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo