1 kwabaseKorinte 1

1
1 kwabaseKorinte 1
1UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,
2kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;
3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
4Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiwe kuKristu Jesu;
5ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke;
6njengalokhu ubufakazi bukaKristu baqiniswa kini;
7Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;
8ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.
9UNkulunkulu uthembekile, yena nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.
10Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.
11Ngokuba ngitsheliwe ngani, bazalwane bami, ngabendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukuxabana phakathi kwenu.
12Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu.
13UKristu uhlukene yini na? UPawulu wabethelwa esiphambanweni ngenxa yenu na? noma nabhapathizwa egameni likaPawulu na?
14Ngibonga uNkulunkulu ngokuba ngingabhapathizanga muntu kini, kuphela oKrispu noGayu;
15funa kube khona othi ngabhapathiza egameni lami.
16Ngabhapathiza nendlu kaStefana; ngaphandle kwalokho angazi ukuthi ngabhapathiza omunye.
17Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize.
18Ngokuba intshumayelo yesiphambano kwababhubhayo iwubuwula; kodwa kithina esisindiswayo kungamandla kaNkulunkulu.
19Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabahlakaniphileyo ngikwenze ize.
20Uphi ohlakaniphileyo? uphi umbhali na? uphi umbangi walomhlaba na? UNkulunkulu akakwenzanga kwaba yize ukuhlakanipha kwaleli zwe na?
21Ngokuba kuthe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha, kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.
22Ngokuba abaJuda bafuna isibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha;
23Kodwa thina sitshumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuthutha kumaGriki;
24Kepha kwababiziweyo, amaJuda namaGreki, singuKristu ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
25Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphe kunabantu; futhi ubuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.
26Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu, bazalwane, ukuthi ababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, ababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, ababiziweyo;
27Kodwa uNkulunkulu ukhethile izinto zobuthutha zomhlaba ukuze ajabhise ezihlakaniphileyo; futhi uNkulunkulu ukhethile izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ajabhise izinto ezinamandla;
28Lezinto eziphansi zomhlaba lezinto ezidelelwayo uNkulunkulu uzikhethile, lezinto ezingekho, ukuthi achithe izinto ezikhona.
29Ukuze kungabikho nyama ezibonga phambi kwakhe.
30Kodwa kuye lina likuKristu Jesu, owenziwe kithi ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, lokulunga, lokungcweliswa, lokuhlengwa;
31ukuze, njengokulotshiweyo ukuthi: Ozibongayo, makazidumise eNkosini.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 1: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo