1 KwabaseKhorinte 1

1
Isingeniso
1 UPawula, obizwe ngokwentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Khristu, benoSostene umzalwane, 2 ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo: 3 makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
Ukubonga UNkulunkulu
4 Ngimbonga njalo uNkulunkulu wami ngani, ngenxa yomusa wakhe eniwuphiweyo kuKhristu uJesu, 5 ukuba ezintweni zonke, nicetshiswe kuye; ekukhulumeni nasekwazini konke 6 njengalokhu ubufakazi ngoKhristu buqinisiwe kini, 7 ukuze ningasesweli nesisodwa nje isiphiwo somusa, njengokuba nikulindele ngokushisekela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Khristu. 8 NguYena oyakuniqinisa nani kuze kube sekugcineni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Khristu. 9 Wethembekile uNkulunkulu owanibizela ebudlelwaneni neNdodana yakhe, uJesu Khristu iNkosi yethu.
Ukuphikisana Ebandleni LaseKhorinte
10 Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye. 11 Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu. 12 Ngikusho lokhu ngokuba yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawula;” omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo;” omunye uthi: “Mina ngingokaKhefase;” nomunye athi: “Mina ngingokaKhristu.”
13 Ngabe uKhristu wahlukanisiwe yini na? UPawula wabethelwa yini esiphambanweni ngenxa yenu na? Kanti nina nabhabhadiswa egameni likaPawula yini na? 14 Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuba angibhabhadisanga muntu kini, ngaphandle kukaKhrisphu noGayu, 15funa kube khona othi ubhabhadiswe egameni lami. 16 Yebo, ngababhabhadisa nabendlu kaStefana; ngaphandle kwabo, angikhumbuli ngibhabhadisa omunye. 17 Ngokuba uKhristu akangithumanga ukuba ngibhabhadise, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, hhayi ngokuhlakanipha kwamazwi abantu, funa isiphambano sikaKhristu senziwe ize.
Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Nokuhlakanipha Kwezwe
18 Ngokuba izwi lesiphambano lingubuwula kwababhubhayo, kodwa kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. 19 Phela kulotshiwe ukuthi:
“Ngiyakuqeda nya ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo,
ngikwenze ize ukuqonda kwabanokuqonda.”
20 Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na? 21 Ngokuba njengalokhu ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu izwe lingazange limazi uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, lokho kwaba kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo. 22 Ngokuba abaJuda bafuna izibonakaliso, kuthi amaGriki afune ukuhlakanipha. 23 Kodwa thina sishumayela uKhristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda nobuwula kwabezizwe. 24Kepha kulabo ababiziweyo, abaJuda namaGriki sishumayela uKhristu, ongamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. 25 Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunobabantu, nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunobabantu.
26 Ngokuba bazalwane, khumbulani ukubizwa kwenu ukuthi kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, futhi kababaningi abayizikhulu. 27 Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla. 28 Izinto zezwe ezibukelwa phansi, izinto ezidelelwayo, nezinto ezingekho, uNkulunkulu wazikhetha, ukuba achithe ngazo ezikhona, 29 ukuze kungabi bikho muntu ozigabisayo phambi kukaNkulunkulu. 30 Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa, 31 ukuba kube njengalokhu kulotshiwe ukuthi:
“Ozibongayo makazibonge eNkosini.”

Okuqokiwe okwamanje:

1 KwabaseKhorinte 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo