KwabaseRoma 16

16
UPawula Ukhonza Kubazalwane
1Ngiyamncoma kini udadewethu, uFoyibe, oyidikoni ebandleni laseKhenikhreya, 2ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.
3Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu, 4abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe. 5 Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu. 6Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu. 7Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami. 8Khonzani ku-Amphiliyathu wami othandekayo eNkosini. 9Nikhonze ku-Urbhanu, isisebenzi kanye nathi kuKhristu, nakuStakuwami othandekayo. 10Khonzani ku-Aphele owethembekile kuKhristu. Nikhonze nakwabendlu ka-Aristobhulu. 11Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami, nakwabendlu kaNarkisu abaseNkosini. 12Khonzani koThrayifina noThrayifosa abasebenza nathi eNkosini. Khonzani kuPhersisi othandekayo, owasebenza kakhulu eNkosini. 13 Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nakunina ongumame nakimi. 14Nikhonze ku-Asinkirithu, uFilegu, uHerme, uPhathroba, uHerma nakubazalwane abakanye nabo. 15Khonzani nakuFilologu, uJuliheya, uNerewu, nodadewabo, naku-Olimpa, nakwabangcwele bonke abakanye nabo. 16Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza onke amabandla kaKhristu.
UPawula Uxwayisa Ibandla
17 Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo, 18ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala. 19Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.
20Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani.
Isiphetho
21Uyakhonza kini uThimothewu oyisisebenzi kanye nami, noLukhiyu, uJasoni noSosiphathru, izihlobo zami.
22Mina, Therthiyu, olobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.
23Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu, umzalwane. 24Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke. Amen.
25 Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade. 26 Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa. 27Kuye uNkulunkulu, Yena yedwa onokwazi, makube kuye inkazimulo ngoJesu Khristu kuze kube phakade. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo