1 IziKronike 29:1-2

1 IziKronike 29:1-2 CZB24

Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, yena yedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usemusha, uthambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba isigodlo asisona esabantu, kodwa ngekaJehova uNkulunkulu. Manje ngawo wonke amandla ami ngilungisele indlu kaNkulunkulu wami igolide lezinto zokwenziwa ngegolide, nesiliva lezinto zesiliva nethusi okwezinto zethusi, insimbi okwezinto zensimbi nokhuni lwezinto ngokhuni; amatshe e-shohamu, namatshe okubekwa, namatshe akhazimulayo, nayo yonke imibala, nazo zonke izinhlobo zamatshe ayigugu, namatshe etshe lemabula ngobuningi.