1 iziKronike 29:1-2

1 iziKronike 29:1-2 ZUL59

UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu. Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu* nawokufakwa, namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo, nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.