1 iziKronike 29:1-2
1 iziKronike 29:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni, indodana yami, nguye yedwa okhethwe nguNkulunkulu, usengumfana, akakaqini ukhakhayi, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu, kepha ngelikaSimakade uNkulunkulu. Sengiyilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami wonke, igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, ithusi lokwethusi, insimbi yokwensimbi, imithi yokwemithi, amatshe amashohamu nawokufakwa, amatshe ahlobisayo nanemibala eyehlukeneyo, izinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.
1 iziKronike 29:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu. Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu* nawokufakwa, namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo, nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.
1 iziKronike 29:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, yena yedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usemusha, uthambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba isigodlo asisona esabantu, kodwa ngekaJehova uNkulunkulu. Manje ngawo wonke amandla ami ngilungisele indlu kaNkulunkulu wami igolide lezinto zokwenziwa ngegolide, nesiliva lezinto zesiliva nethusi okwezinto zethusi, insimbi okwezinto zensimbi nokhuni lwezinto ngokhuni; amatshe e-shohamu, namatshe okubekwa, namatshe akhazimulayo, nayo yonke imibala, nazo zonke izinhlobo zamatshe ayigugu, namatshe etshe lemabula ngobuningi.