1 IziKronike 13:1-4

1 IziKronike 13:1-4 CZB24

UDavide wacebisana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu nezikhulu zonke. UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kubonakala kukuhle emehlweni enu nokuthi kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masithumele kubazalwane bethu ezindaweni zonke eziseleyo ezweni lonke lakwa-Israyeli, nakubapristi kanye nabo. NamaLevi asemizini yawo nasemadlelweni awo, azibuthele kithi. Masiwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asibuzanga kuwo emihleni kaSawule. Ibandla lonke lathi makwenziwe njalo, ngokuba le ndaba yayilungile emehlweni abo bonke abantu.