1 iziKronike 13:1-4
1 iziKronike 13:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke. UDavide wayesethi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, futhi kuvela kuSimakade uNkulunkulu wethu, masiphume ngandlela zonke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke kwa-Israyeli, nabaphristi nabaLevi emizini yabo enamadlelo, ukuba babuthane beze lapha kithi. Masihambe siyowulanda siwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asizange siwufune ngezinsuku zikaSawule.” Ibandla lonke lathi makwenziwe kanjalo, ngokuba lokho kwakuthokozisa kubo bonke abantu.
1 iziKronike 13:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nabaholi bonke. UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kukuhle kini, uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi, sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.” Lonke ibandla lathi liyakwenze njalo, ngokuba leyo nto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.
1 iziKronike 13:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UDavide wacebisana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu nezikhulu zonke. UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kubonakala kukuhle emehlweni enu nokuthi kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masithumele kubazalwane bethu ezindaweni zonke eziseleyo ezweni lonke lakwa-Israyeli, nakubapristi kanye nabo. NamaLevi asemizini yawo nasemadlelweni awo, azibuthele kithi. Masiwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asibuzanga kuwo emihleni kaSawule. Ibandla lonke lathi makwenziwe njalo, ngokuba le ndaba yayilungile emehlweni abo bonke abantu.