1 IziKronike 13

13
1 IziKronike 13
UDavide ufuna ukuwubuyisa umphongolo kaNkulunkulu
1UDavide wacebisana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu nezikhulu zonke.
2UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa-Israyeli: “Uma kubonakala kukuhle emehlweni enu nokuthi kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masithumele kubazalwane bethu ezindaweni zonke eziseleyo ezweni lonke lakwa-Israyeli, nakubapristi kanye nabo. NamaLevi asemizini yawo nasemadlelweni awo, azibuthele kithi.
3Masiwubuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu, ngokuba asibuzanga kuwo emihleni kaSawule.
4Ibandla lonke lathi makwenziwe njalo, ngokuba le ndaba yayilungile emehlweni abo bonke abantu.
5UDavida wasebuthanisa wonke uIsrayeli kusukela eSihori eGibhithe kuze kufike ekungeneni kweHemati ukuze akhuphe umphongolo kaNkulunkulu eKiriyathi Jeyarimi.
6UDavide wakhuphuka no-Israyeli wonke, waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi lakwaJuda, ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phakathi kwamakherubi ogama lakhe libizwa kuwo.
7Bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu ngenqola entsha besuka endlini ka-Abinadaba; u-Uza no-Ahijo bashayela inqola.
8UDavide naye wonke u-Israyeli badlala phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo onke, nangokuhuba, nangezihabhu, namahabhu, nezigubhu, namasimbali, nangamacilongo.
9Lapho befika esibuyeni sikaKidoni, u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo; ngoba izinkabi zakhubeka.
10Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla sakhe emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.
11UDavide wadabuka ngokuba uJehova efohla e-Uza; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iPheresi-uza kuze kube namuhla.
12UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku, wathi: “Ngingawuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu endlini yami na?”
13UDavide akawulethanga umphongolo kuye emzini kaDavide, kepha wawuphambukisela endlini ka-Obede Edomi umGiti.
14Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nomndeni ka-Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu. UJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.

Okuqokiwe okwamanje:

1 IziKronike 13: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume