UZakhariya 11

11
Ukuwa Kwemithi Emihle
1Vula iminyango yakho, Lebhanoni,
ukuze umlilo ungqongqise imisedari yakho.
2Lila msayiphuresi,
ngokuba umsedari usuwile,
phela izihlahla ezinkulu sezicelwe phansi.
Khihlani isililo mi-okhi yaseBhashani,
ngokuba ihlathi elicinene seligawuliwe.
3Ngumsindo wokukhala kwabelusi!
Phela udumo lwabo seluphelile.
Ngumsindo wokubhonga kwamabhongo ezingonyama!
Ngokuba ihlathi eJordani selicekelwe phansi.
Abelusi Ababili Bomhlambi
4Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wami, uthi: “Yelusa izimvu zokuhlatshwa. 5Abazithengile bazihlaba, kodwa bona abethweswa cala, nabazithengisayo bathi: ‘Makabongwe uSimakade; sengicebile.’ Abelusi bazo abanaluzwelo ngazo. 6Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade.
“Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”
7Ngakho-ke ngazelusa izimvu zokuhlatshwa, lezo ezazihluphekile. Ngazithathela Mina izintonga ezimbili: enye ngayibiza ngokuthi uMusa, enye ngayibiza ngokuthi uBunye, ngase ngiwelusa umhlambi. 8Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.
9Ngase ngithi: “Angisayukuzelusa; efayo mayife, ebhujiswayo mayibhubhe, esindayo maziyishwabadele, zinephulane zodwa.”
10Ngathatha-ke induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngiqede isivumelwano engangisenze nazo zonke izizwe. 11Saqedwa ngalolo lusuku, kepha wawazi umhlambi wezimvu ezihluphekileyo, ezazethembele kimi ukuthi lokho kwakuyizwi likaSimakade.
12Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, nginikeni inkokhelo yami, kodwa uma kungenjalo, yekani.”
Zayilinganisa inkokhelo yami kwaba yizinhlamvu zesiliva ezingama-30.
13USimakade wathi kimi: “Ziphonse kumbumbi,” kwakuyinani elikhulu ababengilinganise nalo. Ngathatha kubo izinhlamvu zesiliva ezingama-30 ngaziphonsa kumbumbi endlini kaSimakade.
14Ngayinqamula nentonga yami yesibili, uBunye, ukuze ngiqede ubuhlobo phakathi kukaJuda no-Israyeli.
15USimakade wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomelusi oyisiwula. 16Ngokuba sengizakuvusa umelusi ezweni ongayukuzinakekela ezilimeleyo, angazifuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezinamanxeba, angazesekeli ezintekenteke, kodwa adle inyama yezikhulupheleyo, adabule izinselo zazo.”
17“Maye, kumelusi ongenamsebenzi,
oshiya umhlambi wezimvu!
Inkemba iyakumlimaza ingalo
neso lakhe langakwesokunene.
Ingalo yakhe iyakushwabana,
neso lakhe lingaboni lutho!”

Okuqokiwe okwamanje:

UZakhariya 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume