UZakhariya 10

10
Isithembiso SikaSimakade Sokukhulula Abantu Bakhe
1Celani imvula kuSimakade
ngenkathi yayo entwasahlobo.
USimakade uhlomisa izulu,
anise imvula;
aphe kube yilowo nalowo
okudliwayo kwasendle.
2Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso,
ababhuli babona imibono eyedukisayo,
bakhuluma ngamaphupho angamanga,
baduduza ngokuyize.
Ngakho-ke bazulazula njengezimvu,
bayahlupheka,
ngokuba bengenamelusi.
Abantu BakwaJuda Nabakwa-Israyeli Bazobuya Ekudingisweni
3“Intukuthelo yami ivuthela abelusi.
Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi,
ngokuba uSimakade Wamabandla
uyawunakekela umhlambi wakhe,
indlu yakwaJuda.
Uyakubenza bafane nehhashi
lobukhosi bakhe empini.
4Kuyena kuyakuvela itshe legumbi,
kuvele isikhonkwane,
kuvele umnsalo wempi,
kuvele nababusi bonke ndawonye.
5Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka
emigwaqweni lapho kuliwa.
Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo,
bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.
6“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda,
ngihlenge abendlu yakwaJosefa,
ngibabuyise,
ngokuba ngiyabazwela.
Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle,
ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo
ngiyakubaphendula.
7Abakwa-Efrayimi bayakuba njengamaqhawe;
inhliziyo yabo ithokoze
sengathi kungenxa yewayini.
Abantwana babo bayakukubona lokho bajabule;
inhliziyo yabo ithokoze ngoSimakade.
8“Ngiyakubashayela ikhwelo,
ngibaqoqe,
ngokuba sengibahlengile.
Bayakuba baningi njengakuqala.
9Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe,
kodwa bayakungikhumbula besemajukujukwini,
bona nezingane zabo bayakusinda,
bese bebuya.
10Ngiyakubabuyisa eGibhithe,
ngibaqoqe eSamariya,
ngibayise kwaGileyadi naseLebhanoni,
akuyukutholakala ndawo eyakubanela.
11Bayakudabula olwandle lwezinhlupheko.
Uyakushaya amagagasi olwandle,
nezinzulu zonke zomfula ziyakukoma nkwe,
kuyakudicilelwa phansi ukuzigqaja kwe-Asiriya,
kusuke nentonga yaseGibhithe.
12Ngiyakubaqinisa kuSimakade;
bahambe egameni lakhe,”
kusho uSimakade Wamabandla.

Okuqokiwe okwamanje:

UZakhariya 10: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume