UZakhariya 12

12
Izibusiso Ngesikhathi Esizayo: Ukukhululwa, Insindiso Nokuhlanzwa
UZak. 12:1 – 13:6
Ukukhululwa KweJerusalema Kwangomuso
1Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi: 2“Bheka, iJerusalema ngizolenza libe yindebe yokudakisa zonke izizwe nxazonke. ElakwaJuda nalo liyakubandakanyeka lapho kuvinjezelwa iJerusalema. 3Kuyakuthi ngalolo lusuku iJerusalema ngilenze libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe. Zonke ezizithwesa lona ziyakulimala kanzima. Izizwe zonke zomhlaba ziyakubuthana, zilihlanganyele.” 4USimakade uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushaya wonke amahhashi ngokudideka, nabagibeli bawo ngokuhlanya. Ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda ngiyihawukele, kodwa wonke amahhashi ezizwe ngiyakuwashaya ngobumpumputhe. 5Ababusi bakwaJuda bayakuthi ezinhliziyweni zabo: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami ngoSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo.’
6“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengembawula evuthayo phakathi kwezinkuni, babe njengesihlonti esivuthayo phakathi kwezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Bayakuqothula kwesokunene nakwesokhohlo zonke izizwe ezizungeze nxazonke. IJerusalema liyakuba sendaweni yalo futhi eJerusalema.
7“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda. 8Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo. 9Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphokophelele ukushabalalisa izizwe zonke ezatheleka eJerusalema, zalihlasela.
Ukulilela Ogwaziweyo
10“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo. 11Ngalolo lusuku kuyakuba khona isililo esikhulu eJerusalema njengesililo sokulilela uHadadi Rimoni, ethafeni iMegido. 12Izwe liyakulila, kulile umndeni nomndeni; umndeni wendlu kaDavide ulile wodwa, nabesifazane bawo balilele bodwa; umndeni wendlu kaNathani ulile wodwa, nabesifazane bawo balilele bodwa, 13umndeni wendlu kaLevi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa, umndeni kaShimeyi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa. 14Yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni iyakulila yodwa, nabesifazane bayo balile bodwa.”

Okuqokiwe okwamanje:

UZakhariya 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume