ISihlabelelo Sezihlabelelo 8:6-7

ISihlabelelo Sezihlabelelo 8:6-7 ZUL20

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla. Amanzi amaningi ngeke alucima uthando, nemifula ayinakulukhukhula. Uma umuntu engakhipha yonke ingcebo yomuzi wakhe ngenxa yothando, impela bayomedelela nokumedelela.