IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6-7
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla. Amanzi amaningi ngeke alucima uthando, nemifula ayinakulukhukhula. Uma umuntu engakhipha yonke ingcebo yomuzi wakhe ngenxa yothando, impela bayomedelela nokumedelela.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova. Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngibeke njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; Umhawu unonya njengeHayidesi: amalahle awo angamalahle omlilo alangabi elinamandla. Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifudlana ayinakuludla