ISihlabelelo Sezihlabelelo 8

8
1Sengathi ngabe ungumfowethu
esancela bele linye naye kumame!
Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula,
ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.
2 Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa;
mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo,
nesiphuzo sami samahananadi.
3 Isandla sakho sokhohlo
besiyokuba phansi kwekhanda lami,
nesokunene, singigone.
4 Madodakazi aseJerusalema ngiyaniyala,
ningalunyakazisi noma niluvuse uthando
luze luzivukele lona.
Abangani:
5 Ngubani lo owenyukayo evela ehlane
encike kothandiweyo wakhe na?
Intombi:
Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula,
lapho unyoko wahelelwa khona;
wasikwa waze wakuzala.
6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
nanjengophawu engalweni yakho.
Ngokuba uthando lunamandla njengokufa,
isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo,
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi elinamandla.
7Amanzi amaningi ngeke alucima uthando,
nemifula ayinakulukhukhula.
Uma umuntu engakhipha yonke
ingcebo yomuzi wakhe
ngenxa yothando,
impela bayomedelela nokumedelela.
Intombi nabafowabo:
8 Sinodadewethu omncane, ongakahlosi.
Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?
9 Ukuba ubeludonga,
besizokwakha umbhoshongwana wesiliva phezu kwakhe.
Ukuba ubeyisivalo,
besizomvalela ngamapulangwe omsedari.
Intombi:
10Ngangilugange,
namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe,
njengofumene ukuthula.
Isivini SikaSolomoni
11 USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni.
Wasiqashisela abalindi;
yilowo nalowo mlindi
wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane,
ngezithelo zaso.
12Isivini sami siphambi kwami,
inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni,
namakhulu amabili abe ngawabaphathi
bezithelo zaso.
Insizwa Nentombi Bayabizana
Insizwa:
13 Wena ohlala ezivandeni,
abangani balalela izwi lakho;
nami ake ungizwise lona.
Intombi:
14 Shesha, njengensephe,
noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha,
wena othandiweyo wami.

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume