KwabaseRoma 4:20-25

KwabaseRoma 4:20-25 ZUL20

Nokho akasingabazanga isithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye, kwaba ngukulunga. Lokho akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye, kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 4:20-25