KwabaseRoma 4:20-25
KwabaseRoma 4:20-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Akabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa; kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo; Eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho akuthembisile unamandla futhi nokukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye; Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo; owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wabuye wavuswa ukuze silungisiswe.
KwabaseRoma 4:20-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nokho akasingabazanga isithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza. Ngakho-ke kwabalelwa kuye, kwaba ngukulunga. Lokho akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa kuye, kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.
KwabaseRoma 4:20-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena, kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.
KwabaseRoma 4:20-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)