KwabaseRoma 4:20-25

KwabaseRoma 4:20-25 ZUL59

akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga. Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena, kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 4:20-25