KwabaseRoma 13:1-2

KwabaseRoma 13:1-2 ZUL20

Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana nabasemagunyeni, umelana nesimiso sikaNkulunkulu. Abamelana nabo bayakwemukeliswa ukulahlwa.