KwabaseRoma 13

13
Ukuthobela Amandla Ombuso
1 Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. 2 Ngakho-ke omelana nabasemagunyeni, umelana nesimiso sikaNkulunkulu. Abamelana nabo bayakwemukeliswa ukulahlwa. 3Ngokuba ababusi abesabeki kulabo abenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Uyathanda yini ukungamesabi osemagunyeni na? Yenza-ke okuhle, yena uyakukuncoma, 4ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi. 5Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.
6 Yingakho nithela intela, ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikukhuthalele lokho. 7Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela; inkokhelo kofanele inkokhelo; ukwesaba kofanele ukwesatshwa; udumo kofanele udumo.
Ukuthanda Abazalwane
8 Ningabi nacala lanoma yini kunoma ngubani, kodwa elokuthandana, ngokuba othanda omunye, uwugcwalisile umthetho. 9 Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
10 Uthando alukwenzi okubi kumakhelwane, ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
Ukuhamba Ekukhanyeni
11 Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa. 12 Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya. 13 Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu. 14 Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo