KwabaseRoma 14

14
Ungamehluleli Umzalwane Obuthakathaka Ekukholweni
1 Kepha memukeleni obuthakathaka ekukholweni, kungabi ngemidlinzo yokumehlulela. 2 Omunye ukholwa ukuthi angakudla konke, kodwa obuthakathaka udla imifino kuphela. 3 Odlayo makangamdeleli ongadliyo, ngokunjalo nongadliyo makangamehluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele. 4 Lapho ungubani nje wena owehlulela inceku yomunye na? Kuphambi kwenkosi yayo ukuma noma ukuwa kwayo, kodwa iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa. 5 Omunye uqhakambisa olunye usuku kunolunye, omunye azithathe ngokufana zonke izinsuku; makube yilowo nalowo aqiniseke emqondweni wakhe ngakucabangayo. 6 Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu. 7 Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena; 8 ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi, uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
9 Ngenxa yalokho uKhristu wafa, wabuye waphila ukuze abe yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo. 10 Umehlulelelani-ke wena umzalwane wakho na? Futhi umedelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwehlulela sikaNkulunkulu. 11 Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Ngifunga ukuphila kwami,
wonke amadolo ayoguqa kimi,
nezilimi zonke ziyovuma, uNkulunkulu.’ ”
12 Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
13 Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe. 14 Ngiyazi, njengokuba nginesiqiniseko eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho olungcolileyo ngokwalo, kuphela kulowo othi kungcolile, kuyena-ke kungcolile. 15 Ngokuba uma umzalwane wakho ekhubeka ngenxa yokudla okudlayo, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKhristu. 16 Ngalokho-ke okuhle kwenu makunganyembenywa. 17 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele; 18lowo okhonza uKhristu kulokhu, uyathandeka kuNkulunkulu, uyancomeka nakubantu.
19 Ngalokho-ke masiphokophelele lezo zinto eziletha ukuthula nokwakhana. 20Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kungcolile kulowo muntu okudla qede akhubeke. 21 Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma yikuphi okunye okwenza umzalwane wakho akhubeke.
22Ukukholwa onakho, yiba nakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazehluleli ngalokho akukhethayo, 23kodwa ongabazayo, nxa edla, wehlulelwe, ngokuba konke okungaveli ekukholweni, kuyisono.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 14: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo