KwabaseRoma 12:3-8

KwabaseRoma 12:3-8 ZUL20

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa. Njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azenzi msebenzi munye, kanjalo nathi esibaningi, nokho simzimba munye kuKhristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. Sinezipho zomusa ezahlukeneyo ngokomusa esiwuphiweyo: uma kungesokuphrofetha, asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa. Uma kungesokukhonza, kube sekukhonzeni; esokufundisa, kube sekufundiseni; esokugqugquzela, kube sekukhuthazeni; esokuphana, aphane ngokukhululeka; esokuhola, ahole ngenkuthalo; kanye nesesihe, akwenze ngentokozo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 12:3-8