KwabaseRoma 12:3-8

KwabaseRoma 12:3-8 CZB24

Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa. Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye; Kanjalo thina esibaningi singumzimba munye kuKristu, futhi wonke amalungu omunye komunye. Ngakho-ke silezipho ezehlukene ngokomusa esiwuphiweyo, noma ukuprofetha, asiprofethe ngokwesilinganiso sokukholwa; Noma inkonzo, masihlale enkonzweni yethu; noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 12:3-8